Umnikazi wesithombe: Ihsaan Haffejee
Mdunge Skhumbuzo
Umfundisi wase Apostol 12 KwaNyuswa, uthe njengoba kufuneka abantu abawu 50 emangcwabeni, omama kumele bayeke ukuya khona ngoba ayikho into abayenzayo.
Mhla lulunye kweliphezulu, uMongameli Cyril Ramaphosa wethule inkulumo ebheke esizweni nalapho ebuyekeze yonke imiqathango okumele igcinwe ngesikhathi se Covid-19. Amasonto asebalwe njengezinye izindawo ezivumelekile ukuthi zivulwe, kodwa isibalo samakholwa sisazogcina kwangamashumi amahlanu kuya ekhulwini.
UMongameli uphinde wakhuthaza ukuthi nasemangcwabeni isibalo sabantu kuzomele
sigcine kwesingamashumi amahlanu kuphela. Lokho okuchaza ukuthi abantu
okuvumeleke ukuthi baye emangcwabeni, amalunga omndeni kuphela.
Umfundisi Oscar Sibiya uthe abantu besilisa ibona okubaluleke kakhulu ukuthi babekhona emangcwabeni.
“Ezindaweni
zasemakhaya, amadoda iwona asebenzayo kakhulu ngoba afike agumbe amathuna.
Ngakhoke ize nathi sinawo umsebenzi wethu njengamakholwa, kodwa iqiniso lithi
umuntu angeke afihlwe ithuna lingagunjiwe.”
UDuduzile Dlala uthe umuntu wesonto obalulekile kakhulu emangcwabeni Umfundisi.
“Uma umuntu eseshonile
thina njengamakholwa sifike siphelezele umphefumulo wakhe kuphela. Manje njengoba
silwa nalesifo se Covid-19, ngingasho nje ukuthi uma kukhona umuntu omele
ibandla njengo mfundisi, asikho isidingo sokuthi kufike amanye amakholwa.”
UMlungisi Gasa uthe ukushona into enzima ngoba ayikhishelwa simemo futhi awukwazi ukulawula isibalo sabantu abeza emangcwabeni.
“Siyasamukela isimemezelo sika Mongameli ngesibalo
sabantu emangcwabeni, kodwa inkinga enkulu ukuthi akulula ukuxhosha abantu
kumbe amakholwa uma ezokhalisa umndeni. Angeke futhi uze unake nokuthi ubabale ngoba
nawe mhlampe usuke uzicabangela ngalesimo esikuvelele. Ikona lokhu okugcina
sekudala ukuthi isibalo sabantu sigcine sidlule ngokweqile emangcwabeni.”
Comments
Post a Comment